• Contact Number: (033) 264 2500


  • 28 August 2025

USHAYA IKHWELA LENHLANZEKO UNGQONGQOSHE UZONDI

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha kanye nokoNgiwa kweMvelo (EDTEA), uMfundisi Musa Zondi, usenxuse bonke abahlali nosomabhizinisi bakwaZulu Natali ukuba baqhakambise inhlanzeko ezindaweni abahlala noma abasebenzela kuzona. UNgqongqoshe wenze lesicelo ngenkathi enengxoxo ekhethekile noMnu. Nkosinathi Mshengu emsakwazweni Ukhozi FM ohlelweni Ubusuku Obuhle namhlanje ebusuku.

UMEC Zondi uchaze wathi inhlanzeko iqala ekhaya lomuntu ngokuqinisekisa ukuthi udoti nayo yonke ihlobo yemfucuza iqoqeka ngendlela efanele ukuze ingagcine isidala ukungcola emphakathini. UNgqongqoshe iphinde wachaza kabanzi ngezinhlelo zoMnyango wakwa EDTEA zokunakekela imvelo ukuze ihlale iphephile.

Ngaphezu kobambisana nomasipala kanye namakhosi ukuqhuba izinhlelo zokuqoqwa kwemfucuza ezifana nembibhidlango yokukhuculula (clean-up campaigns), uMnyango wakwa EDTEA iphinde ube nohlelo lokwesekwa kosomabhizinisi abasebenza ngemfucuza (Waste Economy Support Programme). "Kulonyaka wezimali esikuwo singuMnyango sibeke eceleni isamba esingango R3,6 million ukweseka osomabhizini abasebenza ngemfucuza," kuchaza uNgqongqoshe Zondi.

Uqhube ngokugcizelela ukuthi njengoHulumeni bagqugquzela ukuthi kuphinde kusetshenziswe ezinye izinto eziyimfucuza (recycling) ukuze kunciphe umthamo oya ezichithweni (landfill sites). "SinguMnyango wakwa EDTEA sikwenza lokhu ngokunikeza usizo lwezobuchwepheshe kanye nosizo lwemali kubantu abaningi kubandakanya nolusha," kuchaza uNgqongqoshe.

Ephawula myelana nekuguquguquka kwesimo sezulu osekube nomthelela omubi ezimpilweni zabantu baKwaZulu Natali, uNgqongqoshe Zondi uthe uHulumeni ukhathazekile ngezimo ezikhahlaza imiphakathi ezifana nezikhukhula.

Uqhubeke wathi izinhlelo zoMnyango mayelana nokuguquguquka kwesimo sezulu zibeka eqhulwini ukuncishiswa kwesisi esingcolisa umoya, ukuthuthukisa ukumelana nemithelela yesimo sezulu kanye nokuqwashisa imiphakathi. Inhlanganisela yalezi zenzo izovikela izimpilo zabantu nengqalasizinda ezinhlekeleleni zesimo sezulu ezibhubhisayo.