UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nokoNgiwa kweMvelo (EDTEA), namhlanje uzifikele mathupha kuMasipala iJohannes Phumani Phungula ukuzofeza isethembiso sakhe asenza ngenkathi ethula iNkulumo yeSabelomali (budget speech) sokuqinisekisa izinsiza zoMnyango zifinyelela kuwo wonke amagumbi eSifundazwe saKwaZulu Natali.
Ichungechunge loHlelo lukaNgqongqoshe lweNtuthuko eDidiyelwe, noselugudle izifunda eziningi za KwaZulu Natali, namhlanje belubanjelwe eSifundeni sase Harry Gwala enkundleni yezemidlalo KwaHlengwa lapho uNondaba, ephelezelwa iNhloko yoMnyango, uDkt. Nkosenye Zulu, bebesabalalisa imbewu yentuthuko ebandakanya wonke umuntu.
Ngaphezu koluletha izinsiza zoMnyango wakhe, uNgqongqoshe uZondi, uphinde wafika nezikhungo (public entities) ezingaphansi kuka EDTEA nokunikeze amalungu omphakathi ithuba lokuthola ulwazi ngemisebenzi eziyenzayo, nokubalwa kuyo izinhlobo ezahlukene zoxhaso lwamabhizinisi kanye nokuvikelwa kwemvelo nezindawo zamagugu.
Njengophawu lokuzibophezela kwakhe ekuqinisekiseni ukuthi osomabhizinisi abasafufusa bathola ukwesekwa nezinsiza, uNgqongqoshe ufike noxhaso lwabahwebi bendawo wabe esebagqugquzela ukuba baqhubeka nokusebenze ngokuzikhandla ukuze basimamise amabhizinisi abo.
Ube esenxusa namalungu omphakathi ukuba awaseke amabhizinisi amancane asezindaweni akhele kuzona.