Kuqhele izihlathi, kwaqhuma nomkikizo, kwagiya omadala nomncane ngenkathi osomabhizinisi abasafufusayo behlomula ngezinsiza zokusebenza ebebezilethelwe uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nokoNgiwa kweMvelo, uMfu. Musa Zondi.
Abanikazi bamabhizinisi amancane aseSifundeni saseMajuba namalungu omphakathi bebehlangane enkundleni yezemidlalo Osizweni, kuMasipala waseNewcastle, namhlanje (29 October 2026) ukuzothamela uHlelo lukaNgqongqoshe lweNtuthuko eDidiyelwe, nokuwuchungechunge oluhambela izifunda ezahlukahlukene zeSifundazwe saKwaZulu Natali.
Abahlomulile babefake izocelo zoxhaso emahhovisi oMnyango wezokuThuthukiswa, ezokuVakasha kanye nokoNgiwa kweMvelo (EDTEA) asesifundeni sangakubo.
Ngenkathi ethula inkulumo yakhe yosuku, uNgqongqoshe uZondi uchaze kabanzi ngezinhlelo zoMnyango wakwa EDTEA zokuthuthukisa umnotho wezindawo zasemakhaya nasemalokishini. Ube esigcezelela ukuthi amabhizinisi akulezindawo iwona azodala amathuba emisebenzi nokuzolekelela imindeni ikwazi ukunqoba ububha.
UNondaba ube esekhuthaza abantu abasha kanye nabesifazane baseMajuba ukuba bavuke bazithathe bavule amabhizinisi amancane akhiqiza imikhiqizo eqondene nezidingo ezidingwa imiphakathi abahlala kuyo.