Kuheleze umoya wenjabulo nethemba eSifundeni sase Zululand ngenkathi uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nokoNgiwa kweMvelo, uMfu. Musa Zondi, ebambisene ne Moses Kotane Research Institute, bethule ngokusemthethweni izikhungo ezimbili zobuchwepheshe namhlanje zingu 31 October 2026.
Usuku luqale ekuseni lapho uMEC Zondi ehambele umphakathi waseBaqulusi wafike wathula isikhungo iMondlo Digital Centre nokulindeleke ukuba silethe ushintsho ezimpilweni zabantu abasha kanye nosomabhizinisi bendawo abadinga ubuchwepheshe besimanje ukunyusa igxathu lemfundo namabhizinisi abo.
Ethula inkulumo yakhe, uMEC Zondi ugcizelele ukubaluleka kokuphathwa kahle kwalesikhungo ukuze sikwazi ukuqhubeka silethe usizo lwamahhala emphakathini. UNgqongqoshe ube esedlulela eDumbe lapho afike wathula esinye isikhungo sobuchwepheshe, iDumbe Innovation Hub nayo ezoletha usizo lwamahhala emphakathini.
Usuku lugoqwe ngendumezulu yomcimbi enkundleni yezimidlalo eTholakele lapho izikhulu zikahulumeni, abaholi bendabuko, abezinhlaka ezahlukahlukene kanye namalungu omphakathi bebegubha ukwethulwa kwezikhungo eziwuphawu lentuthuko nenqubekela phambili eSifundeni sase Zululand.