• Contact Number: (033) 264 2500
  • 25 Apr
    2024

ISIKHATHI SOKUTSHALA KANINGI KANYE NENYANGA YEZOKUTHUTHA



  • 14 Nov 2022

ISIKHATHI SOKUTSHALA KANINGI KANYE NENYANGA YEZOKUTHUTHA

UNgqonqoshe wezokuthuthukiswa koMnotho, Ezokuvakasha kanye nokongiwa kweMvelo uSiboniso Duma ophinde abenguShampiyoni woMkhandlu waseMgungundlovu; namhlanje ziyisishagalolunye kukaNovember wethule uhlelo lwezokutshala kumasipala waseMpendle. UMnumzane uSiboniso Duma ephelezelwe nguNqongqoshe woMnyango weZolimo nezokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya uNkosikazi Bongi Sithole-Moloi kanye nobuhholi bomukhandlu waseMgungundlovu noMasipala basemakhaya baqale uhlelo ngokuhlahla indlela emasimini asendaweni yase Gomane & Nhlabamkhosi lapho bafike batshala khona. Uhlelo luqhubeke ngokuhlanganyela nomalunga omphakathi lapho abaphathiswa banekezele khona ngamathuluzi ezolimo kumalunga omphakathi. Enkulumweni yakhe uNgqongqoshe uDuma wethule imigwaqo ezokwakhiwa endaweni yaseMpendle kanye noSokontileka abazokwakha lemigwaqo ngaphansi koMnyango wezokuthutha. Umcimbi uphothulwe ngesivimbamgwaqo lapho khona uNgqongqoshe uDuma ahlole khona ukuthi bonke abashayeli bezimoto bayayigcina na yonke imithetho yemigwaqo.