• Contact Number: (033) 264 2500
  • 19 Apr
    2024

RAY NKONYENI LOCAL MUNICIPALITY BEE COMPLIANCE POLICY WORKSHOP



  • 14 Nov 2023

RAY NKONYENI LOCAL MUNICIPALITY BEE COMPLIANCE POLICY WORKSHOP

Namuhla zingu 14 November 2023, uphiko lakwa BEE olungaphansi koMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha kanye nokoNgiwa kweMvelo kwaZulu Natali luvakashele indawo yasePort Shepstone ngaphansi kukaMaspala wase Ray Nkonyeni.
Emva koncwaningo elunzulu kubonakale ukuthi kunenqwaba yosomabhizinisi abancane abangayilandeli imithetho yokulawulwa kwezinkampani ezibhaliswe ngokusemthethweni nokwenza kube nzima ukuthi lezinkampani zihlomule ezinhlelweni zentuthuko ezisuke zilethwa uHulumeni.
Ingakhoke uMnyango wakwaEDTEA ethathe lelithuba ukuvukashela kulendawo ukuyoqwashisa osomaBhizinisi abasafufusa ukuthi bangakuqinisekisa kanjani ukuthi behlezi behambisana nemigomo yokulawulwa kwezinkampani.
UMnyango ubuhambisana nabakwa SARS abalawulwa ukukhokhwa kwentela, BEE Commission, abakwa KZN Treasury, abakwaBusiness Fit kanye nazozonke izinhlelo ezikhona ngaphansi koMnyango ezilekelela amaBusiness abantu abamnyama asafufusa.